Description
IBandla lendawo elinempilo liwumgogodla omqoka kakhulu ekuhanjisweni kwevangeli. Liyisinyathelo sokuqala lapho kufezwa khona umyalelo omkhulu okuMathewu 28:18–20 wokuhambisa ivangeli ezizweni zonke. Lencwadi ebhalwe nguMfundisi uMark Dever iphendula imibuzo eminingi esihlangabezana nayo maqondana nezimfundiso zokuphathwa kweBandla.
Ikubeka kucace nangoku-ngananazi ukuthi ‘lezizimpawu eziyisi-shiyagalolunye zeBandla elinempilo’ zimqoka kangakanani ekuvezeni ubunjalo beBandla, ukuthi kahle-hle “linempilo” yini noma libuthakathaka. Lencwadi iwusizo kakhulu ngoba isikhombisa ukubaluleka komsebenzi wethu. Ilungele umPhathi weBandla, isifundiswa esicwaninga iZwi leNkosi kanye naku-noma wubani owumfundi weZwi leNkosi. Ngiyayincoma kakhulu kuwona wonke umuntu onentshisekelo yokwakha iBandla kanye nabafundi bakaNkulunkulu.




Reviews
There are no reviews yet.